Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli.
IsiLilo 4:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubuso bukaJehova buyabahlakaza, akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga. IsiZulu 2020 NguSimakade luqobo obahlakazile, akasayukubanakekela. Ababahloniphanga abaphristi, ababanga namusa kubanumzane. Contemporary Zulu Bible 2024 Intukuthelo kaJehova yabahlukanisa; akasayikubanaka; babengahloniphi ubuntu babapristi, babengawathandi amadoda amadala. |
Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli.
Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.
Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.
Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.
Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.
Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?
Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.
Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.
“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.
kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.