Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Yachithachitha indlu yayo, njengedlangala ensimini, yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela. USimakade wenza imikhosi emisiweyo namaSabatha, akwabe kusakhunjulwa eZiyoni; ngokufutheka kolaka lwakhe, waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wasusa itabernakele lakhe ngamandla, kungathi lingaphandle kwensimu; wachitha izindawo zakhe zokubuthana; UJehova ukhohliwe imikhosi namasabatha eZiyoni, nangokuvutha kolaka lwakhe udelele inkosi nompristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 2:6
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zayokhela indlu yakho engcwele; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.


Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.


Uzidilizeleni izintango zawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?


Udilizile zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.


Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini, nanjengedladla ensimini yamaselwa, nanjengomuzi ovinjezelweyo.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.


Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho obaba babekudumisa khona, ishisiwe ngomlilo, nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.


Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.


Ubuso bukaJehova buyabahlakaza, akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”


Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga.


Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano, wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


“Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha, ababahlukene nawe, usathwele ihlazo.


“Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka