Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
IsiLilo 3:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akuphumi okuhle nokubi emlonyeni woPhezukonke na? IsiZulu 2020 Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na? Contemporary Zulu Bible 2024 Akuphumi okubi nokuhle emlonyeni woPhezukonke na? |
Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.
“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.
Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?