IsiLilo 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha. IsiZulu 2020 Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane. Contemporary Zulu Bible 2024 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangifaka umlotha. |
Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
Isinkwa samanga simnandi kumuntu, kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.
“Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,
“Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;