IsiLilo 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo. IsiZulu 2020 Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu. Contemporary Zulu Bible 2024 Waziphendulela izindlela zami, wangidwengula; Wangenza ihlane. |
“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.
“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.
Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.
Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.
Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”
“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.
“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.
Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.
Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!