Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 “Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:19
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.


Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.


IBabele, umhlobiso wemibuso, isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi, liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo, abhince indwangu yamasaka. Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.


bezwakalise izwi labo phezu kwakho, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’


ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”


Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka