ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”
IsiLilo 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha. IsiZulu 2020 Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha. Contemporary Zulu Bible 2024 Izitha zalo zinkulu, izitha zalo zinothile; ngokuba uJehova walicindezela ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; abantwana bakhe bathunjwa phambi kwesitha. |
ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”
Ngokuba kulusuku lokukhathazeka, nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.
Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami.
“Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.
Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”
Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.
Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”
“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.
UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.
Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”
Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’
Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”