Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.
IsAmbulo 6:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; IsiZulu 2020 Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba, Baasraak Zulu New Testament Bible Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba; Contemporary Zulu Bible 2024 Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba; |
Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.
Ngena edwaleni, ucashe othulini ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.
Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”
Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.
izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.
nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,
Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.