Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UMikha 7:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Ziyokhotha uthuli njengenyoka, zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini. Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela, zize kuSimakade uNkulunkulu wethu, ziyakushaywa wuvalo, zikwesabe wena.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume emigodini yabo njengezimpethu emhlabeni; bayakumesaba uJehova uNkulunkulu wethu, bakwesabe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 7:17
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.


Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.


Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.


Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.


Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli.


Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*


Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa, imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.


Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka