Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
IsAmbulo 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. IsiZulu 2020 ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. |
Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.
Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,
kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,
kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;
nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.
Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.