Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
IsAmbulo 18:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nokinamona,* nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu. IsiZulu 2020 isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu. Baasraak Zulu New Testament Bible nesinamoni, nempepho, namafutha okugcoba, nenhlaka, newayini, namafutha, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezinceku, nemiphefumulo yabantu. Contemporary Zulu Bible 2024 nesinamoni, nempepho, namafutha okugcoba, nenhlaka, newayini, namafutha, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezinceku, nemiphefumulo yabantu. |
Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.
Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.
Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.
Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.
“Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.
Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?
Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami; izandla zami zaconsa imure,* neminwe yami imure elimanzi phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.
“ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.
Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.”
“Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.
UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”
nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,
nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
“Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.
Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,