Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 5:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 5:8
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.


“Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.


“Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.


yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.


enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.


Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.


Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu.


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


“Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka