Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”
IsAmbulo 18:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’ IsiZulu 2020 Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’ Baasraak Zulu New Testament Bible emi khatshana ngokwesaba ukuhlutshwa kwalo, esithi: Maye, maye, umuzi omkhulu iBhabhiloni, umuzi onamandla! ngoba ngehora elilodwa ukwahlulela kwakho kufike. Contemporary Zulu Bible 2024 emi khatshana ngokwesaba ukuhlutshwa kwalo, esithi: Maye, maye, umuzi omkhulu iBhabhiloni, umuzi onamandla! ngoba ngehora elilodwa ukwahlulela kwakho kufike. |
Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”
Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.
Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.
Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi, lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.
Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi: “Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala, nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: ‘Maye, maye!’ babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;
Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”
Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.
Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”
Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.
“Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.
badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’
Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!
Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.
Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.