Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 “Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngakho-ke izinhlupho zalo ziyakufika ngalusuku lunye, ukufa, nokulila, nendlala; iyakushiswa nokushiswa ngomlilo, ngokuba inamandla iNkosi uJehova owahlulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho-ke izinhlupho zalo ziyakufika ngalusuku lunye, ukufa, nokulila, nendlala; iyakushiswa nokushiswa ngomlilo, ngokuba inamandla iNkosi uJehova owahlulelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:8
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani,* inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako* oselwandle.


Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye.


“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale.”


“Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo, ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova, uyakuliphindisela.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Owesifazane owambonayo ungumuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.”


Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,


Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!


Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka