UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.
Esteri 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani. IsiZulu 2020 Inkosi yathatha indandatho yayo yokusicilela, leyo eyayiyephuce uHamani, yayinika uMoridekhayi. U-Esteri waqoka uMoridekhayi ukuba engamele indlu kaHamani. Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyithathile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wabeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani. |
UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.
Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe, nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na?
Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.
U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.
Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.
Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.
“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,