Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 U-Esteri waphinda wakhuluma nenkosi, wakhothamela ezinyaweni zayo, wakhala, wayincenga ukuba ibuguqule kubantu bakubo ububi uHamani, umAgagi, ayebucebe ngabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Esteri wabuye wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wayincenga ngezinyembezi ukuba isuse ububi bukaHamani umAgagi, necebo lakhe ayelicebe ngamaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 8:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.”


Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.


ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”


Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.


Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.


UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,


walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Lobo bubi mabube phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka