Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngalolo suku inkosi u-Ahashiveroshi yanika u-Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u-Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngalolo lusuku inkosi u-Ahasheveroshi yanika u-Esteri, indlovukazi, indlu kaHamani, isitha sabaJuda. UMoridekhayi weza enkosini, ngokuba u-Esteri wayeseyitshelile ukuthi bahlobene kanjani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku inkosi u-Ahashiveroshi yanika u-Esteri indlovukazi indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi; ngoba u-Esteri wakhuluma lokho ayeyikho kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 8:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ababe seduze naye kwakungoKarishena, noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi kobuso benkosi, zihlala emqoka embusweni


Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.


Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: “Bhekani, nginike u-Esteri indlu kaHamani; yena bamphanyekile emthini, ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka