UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.
AmaHubo 92:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi. IsiZulu 2020 nokushaya ugubhu olunezintambo ezilishumi, umqangala nohabhu okuzwakala kamnandi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ensimbini enezintambo eziyishumi nangogubhu; ngehabhu elinomsindo onesizotha. |
UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.
UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.
Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.
Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.
Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”
Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.
UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*
“Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;