Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 33:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bongani uJehova ngehabhu;* mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Mbongeni uSimakade ngomqangala, nimculele ngehabhu elinezintambo ezilishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Dumisani uJehova ngensimbi; hlabelelani kuye ngehabhu nogubhu lwezintambo eziyishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 33:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide kanye nendlu yonke ka-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi,* namahabhu,* nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.*


UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*


KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova.


Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.


Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha; ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*


Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho, Nkulunkulu wami, ngogubhu lwezintambo; ngizakukudumisa ngehabhu* wena oNgcwele ka-Israyeli.


ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.


Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okukhulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu,* bebetha amahabhu abo.


Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka