Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 149:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mabadumise igama lakhe ekusina, bahlabele kuye ngesigubhu nehabhu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 149:3
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.


Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova, bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi, amadodana ka-Asafa, enamasimbali* ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa-Israyeli.


Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,


Bongani uJehova ngehabhu;* mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.


Hlabani ihubo, nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Khona intombi iyakuthokoza ekusineni, nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakheke wena ntombi ka-Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.


UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka