Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
AmaHubo 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo. IsiZulu 2020 Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli. Contemporary Zulu Bible 2024 Emlonyeni wezingane nezinsana unike amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze uthulise isitha nabaphindisayo. |
Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela*
Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.
Izinyathelo zami bazibekele ugibe; umphefumulo wami ugobile; bembile igebe phambi kwami, kwakhalakathela bona kulo. Sela*
Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.
Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.
kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”
owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla, nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.
Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”
Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;
bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”
Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.