Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 21:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye


Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,


Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:


Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!


Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye


Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka