Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle, akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
AmaHubo 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo. IsiZulu 2020 funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuze angadwenguli umphefumulo wami njengengonyama, awuklebhule, kungekho osindisayo. |
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle, akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo; uhlomele ukumbamba ohluphekileyo; uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe.
Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?
Unjengengonyama ehahela ukubamba, njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.
Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.
Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki.
“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.
Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
Ngakhala kwaze kwaba sekuseni; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
NgoGadi wathi: “Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi.
kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.
Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;
Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo.