Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuze angadwenguli umphefumulo wami njengengonyama, awuklebhule, kungekho osindisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 7:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Incekukazi yakho yayinamadodana amabili, axabana wodwa endle, akwabakho owawahlukanisa; kodwa omunye watshaya omunye wambulala.


Uyazi ukuthi angiyena omubi; futhi akakho ongophula esandleni sakho.


Uqamekela njengengonyama emphandwini wayo; uqamekela ukubamba abampofu; uyabamba ompofu lapho emdonsela enetheni lakhe.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?


(UMiktamu kaDavide.) Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngithemba wena.


Njengengonyama ehahela impango, nanjengebhongo lengonyama elicasha ezindaweni zokucasha.


Zangikhamisela imilomo yazo njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.


Khothamelani kimi; ngisindise masinyane; ube yidwala lami eliqinile, indlu yenqaba yokungisindisa.


Kodwa ebunzimeni bami bajabula futhi babuthana ndawonye; bangidwengula futhi abazange bame.


Lalelani lokhu khathesi, lina elikhohlwa uNkulunkulu, ukuze ngingalidabula, njalo kungabi lamuntu osindisayo.


Ngikhulule kubenzi bobubi, ungikhulule kubantu begazi.


Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.


Ngacabanga kwaze kwasa ukuthi uyawaphula onke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku uyakungiqeda.


NgoGadi wathi: “Ubusisiwe owandisa uGadi; uphila njengebhubesi udwengula ingalo ngomqhele wekhanda.


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Kwakungekho msindisi, ngokuba kwakukude neSidoni, bengahlangene namuntu; kwakusesigodini esingaseBetrehobe. Bakha umuzi, bahlala kuwo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka