Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.
AmaHubo 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na? IsiZulu 2020 Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na? Contemporary Zulu Bible 2024 Umphefumulo wami udabukile kakhulu, kepha wena Jehova koze kube nini na? |
Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.
Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.
Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.
Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”
UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?
“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.