AmaHubo 48:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela. |
Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.
Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”