U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.
AmaHubo 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nikelani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova. IsiZulu 2020 Nikelani ngeminikelo yokulunga, nethembele kuSimakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Lethani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova. |
U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.
Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;
Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.
Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*
Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.
“Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga, ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
“Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe,
Bayakubizela izizwe entabeni, bahlabele khona imihlatshelo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle, nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”
Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.