Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ninikela ngempumputhe ibe ngumhlatshelo, akukubi na? futhi uma ninikela ngezinyonga nezigulayo, akukubi yini? Manje nikela kumbusi wakho; Iyakuthokozela wena, noma ithathe umuntu wakho? usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 1:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”


Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


“Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami.” Bese nithi: “Sikungcolise ngani na?” “Ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula likaJehova lidelelekile.’


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka