AmaHubo 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Koze kube nini, Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na? Koze kube nini usitheza ubuso bakho kimi na? IsiZulu 2020 Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Koze kube nini ungikhohlwa, Jehova? njalo? koze kube nini ungifihlela ubuso bakho na? |
Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.
Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na? Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo, ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.
Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?
Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
Sisuthise ngomusa wakho, kuse sekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.
Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.
Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’