AmaHubo 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu, IsiZulu 2020 Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo nolimi olukhuluma izinto ezizidlayo. |
Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
“Isitha sathi: ‘Ngiyakubaxosha, ngibafice, ngahlukanise impango, inhliziyo yami idele ngabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.’
Njengalokhu isandla sami siyitholile imibuso yezithombe ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,
Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.
Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu
Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?
ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”
Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.
“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
“Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’
Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;
Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.
Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.
Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.