Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 “Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngase ngibheka izimpondo, bheka, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, okwakukhona phambi kwezimpondo ezintathu kwezokuqala ezazisishuliwe izimpande zazo; bheka, kulolu phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 7:8
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


“Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo,


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.


Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka