UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.
AmaHubo 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu. IsiZulu 2020 Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Siza, Jehova! ngoba owesaba uNkulunkulu uphelile; ngoba abathembekileyo baphelile phakathi kwabantwana babantu. |
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.
noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali, besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.
Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,
Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.
Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.
“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.