Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
AmaHubo 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, IsiZulu 2020 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo. |
Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?
Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe
UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.
Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?
Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.
Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.
Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;
UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.
Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”
Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.
“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.