Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 81:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 81:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”


ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.


“Kepha bona nawoyise baqholosha, benza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho,


Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo,


Wayesethi uJehova kuMose: “UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.”


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova, esonile kuye, nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.


“ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo,


othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo,


Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka