U-Abineri waba nezwi namalunga akwa-Israyeli, ethi: “Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;
1 Samuweli 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama; IsiZulu 2020 Kwase kubuthana wonke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama, Contemporary Zulu Bible 2024 Abuthana onke amadoda amadala akwa-Israyeli, eza kuSamuweli eRama. |
U-Abineri waba nezwi namalunga akwa-Israyeli, ethi: “Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;
Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.
“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.
Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.”
Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.