Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 7:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 7:17
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*


Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.


badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.


Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi;


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.


Bonke abantu baya eGiligali, bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova; uSawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu khona.


USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.


U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.


USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.


Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama;


Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka