Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, kepha aphambukela ekuzuzeni inzuzo, amukela isifumbathiso, aphendukezela isahlulelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 8:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wathi futhi: “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.”


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


“Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.


“Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo.


Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka