UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
1 Samuweli 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.” IsiZulu 2020 UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!” Contemporary Zulu Bible 2024 UJonathani wachitha ikampu yamaFilisti eyayiseGeba; amaFilisti ezwa ngakho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu; |
UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”
badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.
Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.
Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.
Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.
“Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;
OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.