Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 13:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule uchithe ikampu yamaFilisti nokuthi u-Israyeli unengeka kumaFilisti. Abantu babizelwa ndawonye ukuba bamlandele uSawule eGiligali.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 13:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.


“Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.”


U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka