Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”
1 Samuweli 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. IsiZulu 2020 waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. |
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”
masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”
noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,
Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aya, naseBethele nasemizaneni yalo,
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.
Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.”
Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.
“Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;
USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,
USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.
OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.
AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.
Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.
Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.
Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.
USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.
Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;