Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 14:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Olunye ugedla lwesiwa lwalugebele ngasenyakatho, phambi kweMikhimashi, olunye ngaseningizimu, phambi kweGebha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ingaphambili lelinye lalibheke ngasenyakatho ngaseMigimasi, nelinye ngaseningizimu ngaseGibeya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 14:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti,


liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;


badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.


USamuweli wathi: “Wenzeni na?” USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi,


USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.


UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.”


Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.


Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka