UNumeri 9:5 - IsiZulu 2020 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli. |
Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni.
Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.
Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.
Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.
UMose wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, ukuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa.
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.