Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 9:6 - IsiZulu 2020

6 Kwakukhona abantu abathile ababengcoliswe yisidumbu somuntu, ababengakwazi ukugcina iphasika ngalolo lusuku; beza phambi kukaMose no-Aroni ngalolo lusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kwakukhona amadoda athile ayengcoliswe isidumbu somuntu, kangangokuthi ayengenakwenza iphasika ngalolo suku; bahamba phambi kukaMose no-Aroni ngalolo suku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 9:6
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu.


Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu;


Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo.


akayukungena lapho kunofileyo khona, akayukuzingcolisa ngisho nangoyise noma unina imbala.


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


Labo abamfumana etheza izinkuni, bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano.


“ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Nanku umthetho uma umuntu efela ethendeni: yilowo nalowo ongena ethendeni nalowo osethendeni uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Yilowo nalowo othinta obulewe ngenkemba endle, noma ozifele nje, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.


umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.


Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi:


UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade.


“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba babakhiphe enkanjini bonke abanochoko, nabo bonke abamfimfayo, nabangcoliswe wukuthinta abafileyo.


Labo bantu bathi kuye: “Singcoliswe yisidumbu somuntu; kungani sivinjelwa ukuletha umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli na?”


Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka