Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.
UNumeri 31:4 - IsiZulu 2020 Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe nithumele impi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli inkulungwane esizweni ngasinye. |
Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.
UMose wayesekhuluma nabantu, wathi: “Hlomisani amadoda phakathi kwenu ukuze ayohlasela abakwaMidiyani, aphindiselele uSimakade kwabakwaMidiyani.
Ezinkulungwaneni zabakwa-Israyeli kwaqokwa inkulungwane kuleso naleso sizwana, amadoda ayehlomile; ayizi-12 000.
USimakade wathi kuGideyoni: “Amabutho anawe maningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sawo, funa u-Israyeli athathe udumo kungabi ngolwami, ethi: ‘Isandla sami singisindisile.’
UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”