Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 29:17 - IsiZulu 2020

“ ‘Ngosuku lwesibili niyonikela ngalokhu: amaduna ali-12, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Ngosuku lwesibili: amaduna ayishumi nambili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngosuku lwesibili niyakunikela ngezinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama ezimbili, namawundlu angamaduna ayishumi nane, amnyaka mnye angenasici.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 29:17
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Lokho kuzomthokozisa kakhulu uSimakade, ukwedlula inkabi noma inkunzi enezimpondo nezinselo.


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


“Iyini kimi imihlatshelo yenu eniyenza kaninginingi na?” kusho uSimakade. “Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama, namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe; angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuSimakade. Ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ongcwele, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade, ngumhlangano ohloniphekileyo; aniyukwenza msebenzi.


Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo oyiphunga elimnandi kuSimakade: amaduna ali-13, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna eli-14 ezinyaka munye ezingenasici,


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.