Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba ngifuna umusa, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 6:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.


Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.


Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.


“Iyini kimi imihlatshelo yenu eniyenza kaninginingi na?” kusho uSimakade. “Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama, namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe; angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Walumela udaba lompofu nontulayo, kwaba kuhle; lokhu akusikho yini ukwazi Mina na?” kusho uSimakade.


Ngokuba angikhulumanga kokhokho benu, angibayalanga mhla ngibakhipha eGibhithe ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo,


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu, angiyenameli nemihlangano yenu.


Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade, engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na? Ngabe ngiyakufika kuye neminikelo yokushiswa namathole anonyaka na?


Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.


Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala.


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe.


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe.


Lowo okuye akoni; owonayo akambonanga, futhi akamazi.


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka