Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’
UNumeri 27:16 - IsiZulu 2020 “USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano, Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi, uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke, mayimise indoda phezu kwebandla, |
Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’
Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo ephethe izikhali zakhe ngesandla. Oyongena phakathi kwezinhla uyakubulawa; yibani nenkosi lapho iphuma nalapho ingena.”
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
Ngizakuninika abelusi abathandwa yinhliziyo yami, abazonelusa ngokwazi nangokuhlakanipha.
“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?
Inkosi uZedekiya yafunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owasenzela lo mphefumulo, angiyukukubulala, futhi angiyukukunikela esandleni salawo madoda afuna ukuphila kwakho.”
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.
Ngiyakubeka kuzo umelusi, azeluse: inceku yami uDavide; uyakuzelusa, abe ngumelusi wazo.
“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.
UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”
Ngakho-ke nxusani iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”
“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.
USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.
Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?
Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse.