Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami,
UNumeri 26:64 - IsiZulu 2020 Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha phakathi kwabo kwakungekho noyedwa kubo uMose no-Aroni umpristi abababalayo lapho bebala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. |
Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami,
Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.
“Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.
Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.
Ngobani-ke ayebathukuthelele iminyaka engama-40 na? Kwakungesibo yini labo abonayo, abazidumbu zabo zadindiliza ehlane na?
Kwakuyilesi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: bonke abesilisa kubantu abaphuma eGibhithe, nawo wonke amabutho, babefele endleleni ehlane emveni kokuphuma kwabo eGibhithe.