Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 27:3 - IsiZulu 2020

3 “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 27:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.


Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.”


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.


UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.


Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi:


Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”


Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.”


Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”


Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka