UNumeri 26:54 - IsiZulu 2020 Abaningi uyakubabela ifa elikhulu, abayingcosana ubabele ifa elincane, yilowo nalowo abelwe ifa ngokwesibalo sabantu anabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Abaningi niyobanika ifa elikhulu, abayingcosana nibanike ifa elincane; yilowo nalowo makanikwe ifa lakhe ngokwababalwayo nguye. |
“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,
Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, linike izinceku zakho leli lizwe libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”
Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.
Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”
Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”
Ifa labozalo lukaSimeyoni laliyingxenye yendawo yabozalo lukaJuda, ngokuba ingxenye yabozalo lukaJuda yayinkulu kunaso, ngalokho-ke abozalo lukaSimeyoni bathola ifa labo phakathi kwelabakwaJuda.